http://nksinternational.free.fr/
collectif DIY
pillage créatif © muzakillabel vodeo hardcore breakbeat exp drumbass punk multimierda sexualkillaz ® aphorismes révolution © dérision esclaves de la merde profêtisme antifestif toulouseparisworldnet |
mabahlangane ukulwa nengcindezelo nsukuzonke abesimame baya shaywa, badlwengulwe futhi babulawe. siphathwa njengezibi ngabesilisa abasicwasa ngokobulili. i-workers' solidarity (ubumbano lwabasebenzi) ithi: phansi ngokuhlukunyezwa kwabesimame! bonke abasifazane baphatheke kabi. kodwa thina basebenzi besimame kanye nabampofu siphatheke kabi ngokwedlulele. nxa sihlukunyezwa kasikwazi ukuqasha abameli abaphakime kumbe odokotela bengqondo noma siye ematholampilo eziphetheyo. esikhathini esiningi sixhomekeke ngokwezimali kwolezozi geledeqe ezisihlukumezayo. thina sithi: akukho sizathu esivumelekile sokucindezelwa kwabesimame. abesifazane kabekho ezingeni elingaphansi kunabesilisa futhi kabazona izigqila zabesilisa. phansi nengcindelo! kungani kukhona lolubandlululo na? abaphathi bamaphephandaba kanye nomabonkude baqhubeza izimva ezicwasa abesifazane. bathi abesifazane badalelwa ukuthi basetshenziswe futhi hlukunyezwe kanti abanye abesilisa bayawakholwa lamango. ukudinwa kwabongenxa yengcindezele emsebenzini kumbe ngokungabinamsebenzi bakukhiphela emndenini yabo. bafuna ukuba ngebasi emakhaya abo. thina sithi: phansi nobasi! phambili nentando yeningi! ukuxhashazwa kwabesimame ngosozimali osomabhizinisi kanye nezimenenja zixhaphaza abesimame. basinika imisebenzi yezinga eliphansi esingenasiginiseko sokuyigcina. basinika amahholo aphansi. lokhu kuxhaphaza futhi kuhlukanise abasebenzi. umasikhulelwa siyaxoshwa emsebenzi ni ngoba abaqashi abafuni ukukhokhela amagunya omame abazithwele kanye nesikhathi sokabeletha. noma izingane zethu zigula kabafuni kusinikaza isikhathi sokuzibheka. kanti abanye abaqashi basihlwkumeza ngokocansi babuye basinukubeze. futhi uma sifika emakhaya singena ejokeni lokubangokhishini abangakhokhelwa. kulindeleke ukuba senze wonke unsebeni wasekhaya ngaphandlekosizo lwabesilisa. lemisebenzi ikhinyabezwa ukuthi emalokishini amaningi nasemikhuklawini kawukhe ugesi kanti nemimpompi yamanzi ayikho nezindluzangasese azikho. indlelo ebheke phambili! i-workers solidarity (ubumbano lwabasebenzi) ithi: abesimame abasebenzayo nabampofu mabahlangane ukuze balwe nengcindezelo. bonke abesilisa abanenqubekela - phambili kemele bawuxhase lomzabalazo. ukucindezelwa kwabesimame kumele kuhlakazwe emiphakathini kanye nasemi sebenzini ngumzabalozo wabantu abasemazingeni omnotho aphansi (class-struggle) olwa nobasi nabesilisa abacwasa omame ngokubulili. ngakhoke kumele sikuphakamise lokhu ezinhlanganweni zomphakathi nezabasha kanye nasezinyunyaneni. masilwele lokhu:
hlanganyela ekulweni nokucwasana ngokwebala, nokucindezelwa kwabesifazane uhlelo losiezimali (capitalism) kanye nohhulwmeni: ukuze kumiswe izinyunyana ezixhasa izinguquko ezisheshayo, nokuphatha kwabasebenzi kanye nenqubo yokuhlalisana ebhekele inkululeko yomhlaba wonke |